Work

Inzukaziyeki yokufunda nokufundiswa kwesizulu ulimi lwesibili emabangeni akhaphezayo (4-6) ezikoleni ezisesiyingini saseMlazi, KwaZulu-Natali.

Year: 2020
Type: dissertation
Abstract: Ukufunda nokufundisa ulimi lwesiZulu ezikoleni zaseNingizimu Afrika kusabukeka \nkunezingqinamba eziningi ezidalwa ukuthi siwulimi olwalucindezelwe ngesikhathi \nsobandlululo. Ukuhlelwa koHlelo lwezifundo nakho kubukeka kungadlali indima etheni \nekulekeleleni ukuba isiZulu sifundiswe ngendlela ezothuthukisa abafundi futhi baphumelele \nngokwezinga lolwazimfundo. Ngakho-ke lo mqingo wethula ulwazi olutholakele maqondana \nnocwaningo oluphenye ngenzukazikeyi yokufunda nokufundiswa kwesiZulu uLimi lwesiBili \nezikoleni ezixube izinhlanga emabangeni akhaphezelayo. Lolu cwaningo lwenziwe ezikoleni \nezixube izinhlanga ngenhloso yokuphenya ngokwenzeka emakilasini esiZulu uLimi lwesiBili \nngesikhathi sokufunda okuholela ekungaphumelelini kwabafundi ngendlela elindelekile. \nUlwazi olutholakele ngiluhlaziye ngisebenzisa uhlaka lwenjulalwazi—iNjulalwazi kaKrashen \n(1981) yokuthola uLimi lwesiBili. Ngibe sengiyihlobanisa nohlaka lwemicabango ethinta \nezinye izingxenye zalolu cwaningo ngenhloso yokuhlaziya lonke ulwazi okutholakele. \nUmklamo nezindlela zocwaningo ezilandeliwe ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo, yizona \nezikhiqize imiphumela ehlabahlosile. Lolu ucwaningo lobunjalo botho ngoba bengihlose \nukuqoqela ulwazi kubahlanganyeli abahlala kuleso simo nsukuzonke. Ngibe sengilandela \nindlelande ye-ethinografikhi ngenhloso yokuthi ngifunda ukuchitha isikhathi esanele ensimini \nukuze ngikhiqize ulwazi olukholekayo ngocwaningo. Ngisebenzise ipharadayimu \nyokuhlolisisa ngoba lolu cwaningo belubheka ubuqiniso bokunto nobukhephukhephu \nbokufundiswa kwesiZulu uLimi lwesiBili ukuze ngiqhamuke nokungaguqula isimo. \nNgikhiqize ulwazi lwenhlololwazi ezikoleni eziyisikhombisa lapho ngicaphune khona othisha \nababili isikole ngasinye okwenza isamba sothisha abayishumi nane ngaphinda ngayothamela \nizifunjwana zabo emakilasini. Ngiphinde ngenza inhlolovo yohlamibuzo ezikoleni ezingamashumi ayisithupha nane ngaphinde ngabheka izincwadi ezisetshenziswa othisha \nkanye nemiqulu yoMnyango WezeMfundo. \nLolu cwaningo ludalule ukuthi kunenzukazikeyi yokulahleka kolimi kubafundi besiZulu uLimi \nlwesiBili ngenxa yokuthi ekilasini elilodwa kuhlangene abafundi abasemazingeni angalingani \nolwazi lwesiZulu. Lokho kwenza othisha bagcine begxile kakhulu kubafundi abanolwazi \noluntengayo okuholela ekutheni abafundi osiZulu ulimi lwabo lwaseKhaya bagcina bezuze \nkancane olwazini olusha ngesikhathi sokufunda kanti futhi ikhono lokubhala ilona elisantuleka \nkakhulu kubafundi. Kuvelile ukuthi othisha bantula ulwazi ngezinhlotshana zolimi kanti \nkunenkinga futhi yokusweleka kwezinsizakusebenza zesiZulu uLimi lwesiBili, lokho okwenza \nkube nzima ukusebenza ngempumelelo kothisha. Uma kubhekwa imibhalo kuvele ukuminyana \nkohlelo lomsebenzi enqubomgomeni yesiZulu uLimi lwesiBili okuholela ekuxakekeni \nkothisha ngohlelo lomsebenzi nesikhathi sokusebenza kanye nokuxakaniseka kothisha \nngemisebenzi yokuhlola okuhlelekile. Lolu cwaningo ludalule ukwentuleka kwamasu \nnezindlela zokufundisa isiZulu uLimi lwesiBili kothisha okuholele ekutheni bagcine \nsebefundisa ngomphonse wendlela yomhumusho wohlelolimi \nNgakho-ke kulolu cwaningo ngiphakamisa indlela eyisifanekiso esixoxa ngamazinga abafundi \nabadlula kuwo ukuze bafinyelele ekuqondeni isiZulu uLimi lwesiBili ngempumelelo. \nEngxoxweni yalesi sifanekiso ngibe sengiqondanisa izinga nezinga namabanga ezikole \nkusukela enkulisa kuze kufinyelele kumatikuletsheni. Lesi sifanekiso singaba usizo kakhulu \nohlelweni lwezifundo zoMnyango WezeMfundo kanye nendlela othisha abafundisa ngayo \nezikoleni ezixube izinhlanga kanye nezifundisa isiZulu uLimi lwesiBili.
Language: English
Open Access status: green
OpenAlex ID: W3187135865
Cites: 183
Cited by: 2
Related to: 10