Izindlela namasu okufundisa ukulalela nokukhuluma kubafundi bamabanga 10-11 abenza isiZulu ulimi lokuqala lokwengeza ezikoleni zasesifundeni saseMlazi ezixube izinhlanga.
Year: 2023
Type: dissertation
Abstract: IQOQA \nLolu wucwaningo lwesimo oluyikhwalithethivu oluqhutshwe ngenhloso yokukhiqiza \nimininingo mayelana nezindlela namasu okufundisa ukulalela nokukhuluma kubafundi \nbamabanga 10-11 abenza isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza ezikoleni zasesiFundeni \nsaseMlazi ezixube izinhlanga. Lolu cwaningo lusebenzise izindlela zokukhiqiza imininingo \nbukhoma noma ubuso nobuso kubahlanganyeli abayisihlanu, kusetshenziswa izingxoxo \nezisakuhleleka, ukwethamela kanye nokuhlaziya amadokhumenti. Lolu cwaningo \nbelulawulwa yinjulalwazi kaVygotsky (1978) i-Social constructivism. Le njulalwazi \niphakamisa ukuthi ukufunda kwenzeka uma abantu besebenza ngokubambisana futhi \nikhuthaza abafundi ukuba babambe iqhaza ekwakheni ulwazi olusha. Le njulalwazi \nigcizelela ukusebenzisana okunxantathu lapho abafundi bakwazi khona ukufunda ulimi \nkothisha babo, kontanga kanye nakumalungu omphakathi ukuze kuthuthuke izinga \nlokukhuluma ulimi. Nokho, imiphumela yalolu cwaningo iveza ukuthi nakuba othisha \nabafundisa isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza emabangeni10-11 bezisebenzisa izindlela \nnamasu ahlukene ukufundisa ikhono lokulalela nokukhuluma kodwa abafundi bazithola \nbesabhekene nenkinga yokukwazi ukukhuluma lolu limi ngenxa yokuthi ukusebenzisana \nokunxantathu lapho abafundi abafunda khona kothisha, kontanga nasemiphakathini yabo \nakuphelele kahle. Akuphelele ngoba isiZulu asikhulunywa emiphakathini laba bafundi \nabaqhamuka kuyona ngoba akulona lolu ulimi abavamise ukuxhumana ngalo emakhayo. \nNgaleso sizathu, laba bafundi bazithola bengakwazi ukusebenzisa ulimi lwesiZulu njalo uma \nsebephumile ekilasini. Ngakho-ke, lolu cwaningo luthole ukuthi izinhlobo ezahlukene \nzezindlela namasu okufundisa okusetshenziswa ngothisha besiZulu uLimi Lokuqala \nLokwengeza ngeke zibe impumelelo uma ukusebenzisana okunxantathu kungaphelele, \nlapho abafundi bakwazi khona ukulalela nokukhuluma ngokukhululeka ulimi lwesiZulu \nnothisha, ontanga namalungu omphakathi, ngaphakathi nangaphandle kwamagceke \nesikole. \nAmatemu anqala: Ikhono lokulalela nokukhuluma, isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza, \nI-Social constructivism; izindlela namasu okufundisa; ukufunda \nokunxantathu
Author: Ngcongo, Noluthando Guglethu Felicity.
Institution: University of KwaZulu-Natal
Language: English
Subfield: Developmental and Educational Psychology
Field: Psychology
Domain: Social Sciences
SDG: Quality education
Open Access status: green
OpenAlex ID: W7001441160
