Work

Ukwethulwa kwekhono lobuciko behlaya ngesimo somnotho sangoMasingana kusetshenziswa ulimi lwesimo sezulu ku- TikTok

Year: 2026
Type: article
Abstract: IsifingqoOlimini noma yiluphi kunamakhono ahlukene okubalwa kuwo ikhono lokubhala, elokufunda, elokukhuluma nelokulalela. Lawa makhono anobudlelwano kwazise ayasebenzisana uma kufundiswa ulimi. Ikhono lokuhaya lisebenzisa amakhono amabili, ikhono lokukhuluma nekhono lokubhala. Onke lawa makhono awubuciko bokuqamba. Leli phepha lihlose ukuqhakambisa ubuciko behlaya elibhalwe enkundleni yezokuxhumana i-TikTok ngesimo somnotho esibakhona ngenyanga kaMasingana, okuba yisikhathi emva kwamaholidi emva kokuthi abantu basebenzise imali budlabha. Lolu cwaningo luhlose ukuphendula imibuzo ethi, hlobo luni lolimi olusetshenziswe kuleli hlaya, ngabe lolu hlobo lolimi lusenayo indawo esikhathini samanje? Ngabe lethulwe kanjani leli hlaya? Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlelakwenza yekhwalithethivu egxile emibonweni nasekuqondweni kwenhlalakahle yemiphakathi. Ulwazi lucashunwe enkundleni yezokuxhumana i-TikTok lwahlaziywa kusetshenziswa izinjulalwazi ezimbili eyokuqala ehlaziya ukucikoza (Orality) ehlaziya ubuciko bomlomo neyesibili ehlaziya incazelo (Discourse analysis) yona ebheka ukusetshenziswa kolimi, umqondo nencazelo eyethulwa amagama. Okuzuzwe ucwaningo ukuthi incazelo yamagama esimo sezulu ingena khaxa encazelweni yesimo somnotho. Izifenqo okuyisingathekiso, isifaniso nehaba yizona ezisetshenziswe ekwethuleni umqondo ocashile wesimo somnotho semiphakathi ngesikhathi sangoMasingana. Ikhono nobuciko bokuhaya lidale ubunkondlo ekwethulweni kwesimo somnotho okuholele nasekubhalweni kwalo mlayezo njengenkondlo ku-TikTok. Ngalo mlayezo imiphakathi ifundiswe ukuthi isisu esihle esibonwa ilanga, okungukuthi sibekelwa ngaphandle, ukugwema ukuswela ngesikhathi sangoMasingana. Kokuzuzwe yilolu cwaningo kunobudlelwano phakathi kwesikhathi sakudala ubuciko bomlomo busasetshenziswa uma kukhulunywa, nesikhathi samanje lapho ubuchwepheshe nempucuzeko ye-inthanethi nomakhalekhukhwini kuxhumanisa abantu kalula.
Language: English
Open Access status: hybrid
OpenAlex ID: W7165062534
FWCI:
Cites: 7
Cited by:
Related to: